Izindaba

Isiphihli sengozi owokufika ephambana nezimoto kuN3

Sphelele Maqiti

Udale isiphihli sengozi umshayeli wokuhamba okuhlanganisa ibhasi namaloli amabili eyenzeke cishe ngo-3 ntathakusa.

“Imibiko yokuqala ikhombisa ukuthi umshayeli weloli waseZimbabwe wenze i-U-turn engekho emthethweni, okubangele ukushayisana”

“Ibhasi ebelithwele abagibeli abangama-53 baseNingizimu Afrika, belihamba liya eningizimu ngesikhathi lishayisana nelinye iloli kulandela lesi senzo esingalindelekile”

“Abantu abangu-25 balimala futhi bathunyelwa esibhedlela iLadysmith Provincial Hospital ukuze bathole ukwelashwa, kuyilapho abanye abangu-29 baphume bengenamnyocu” kusho isitatimende.

Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi umshayeli weloli owenze i-U-turn engekho emthethweni useboshwe.

Uphenyo luyaqhubeka olubandakanya i-Road Traffic Inspectorate, iSouth African Police Service kanye ne-Home Affairs Immigration Unit.

Iziphathimandla zifuna ukuqinisekisa ukuthi umshayeli nomnikazi weloli babenawo wonke amaphepha adingekayo.

UHulumeni wesifundazwe uphinde wagcizelela ukuzibophezela kwawo ekuphepheni emgwaqeni, wathi uzokwandisa imikhankaso eqondiswe kubashayeli bamaloli abangahambisani nemithetho emigwaqeni emikhulu efana no-N3 no-N2.

Related Articles

Back to top button