
Iqale ngenothi eliphansi iChiefs ibhubhudlwa ekuhambeni
IKaizer Chiefs idlale okokuqala emqhudelwaneni ngaphansi kwabaqeqeshi oKhalil Ben Youssef noCedric Kaze njengoba engekho uNasreddine Nabi.
Nikho uhambo lweChiefs kwiCaf Confederation Cup alubanga nesiqalo ebesilindelekile
Ikhale ngaphansi eqenjini lase-Angola, iKabuscorp ihlulwa ngo 1-0 emdlalweni obuseLuanda ngoMgqibelo ebusuku.
Kulo mdlalo iKaizer Chiefs iqale kahle. Ishodi elidedelwe uGlody Lilepo livinjwe kukubi unozinti weKabuscorp u-Evandro De Lima.
Ibhola libe selibuyela kuPule Mmodi, naye ozame ukuliqulela epalini kodwa walivimba nalo unozinti.
Umfutho uye ngokushabalala njengoba leli qembu lase-Angola belisebenzisa iqhinga lokuhlala emuva bese lisebenzisa amabhola amade ukuzama ukuzuma iChiefs emuva.
Isiwombe sesibili siqale kucaca ukuthi ayikho evuma ukugoba uphondo, kwaze kwaba yilapho lugoba khona ngakwiMpofana.
Ngomzuzu ka-60, uJulio Matondo ukwazile ukuphunyula kubadlali basemuva beKaizer Chiefs, washaya igoli elinqume umphumela walo mdlalo.
Ukuhlulwa kuwumphumela obabayo kulezi ziqhwaga zaseSoweto, ikakhulukazi njengoba ufike ngesikhathi sezinxushunxushu zangaphakathi eqenjini.
Njengoba sekucacile ukuthi umqeqeshi uNabi uyahamba, iqembu kuzomele lisheshe lihlangane, liqhubekele phambili.
Ukuhlulwa ngegoli elilodwa akukubi kangako, kodwa kuzofanele iKaizer Chiefs ibe sezingeni eliphezulu emlenzeni wesibili eFNB Stadium ngoSepthemba 27.
Ingcindezi isikhona yokuthi abaqeqeshi besikhashana bathole indlela yokubhodloza udonga oluqinile lweKabuscorp ukuze bagweme ihlazo lokuwashiswa ijezi zisua kulo mqhudelwano.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



