
Uwotha ubovu uYoung Stunna okuthiwa ulala nabafana
Bahle Mkhize
Umculi wePiano uYoung Stunna usephumele obala ezwakalisa ukucasuka ngezindaba okulalwe kuphuzwa ngazo itiye izolo ukuthi uyisitabane ulala nabafana.
Lezi zindaba zibhebhetheke okomlilo wequbula zaphoqa uStunna ukuthi ashuthe ivideo ezihlangula kulezi zinsolo azichaze ngamampunge.
“Basithukile bathi singama gay basibhe”$& indunu. Yeyi uyabona le ingicasule kakhulu ”
“Shuthi thina asisakwazi ukwenza izinto zethu nezintombi zethu ngokuthula. Kumele sikhombise abantu ukuthi sijola nohlobo olunjani lwamantombazane, imalini esiyenzayo”
“Impilo yomculi eSouth Africa kumele ibe njalo kumele nibone ukuthi senza malini, sijola nobani ukuze ningazosibiza ngezitabane, ukuze ningazosho ukuthi sibabi kufanele senzeni, siyozilungisa ubuso njengabaculi base-America? kubuza uStunna.
Ubuze ukuthi abakhiphi yini umculo owanele.
“Asininiki yini umculo owanele? Angeke siyozilungisa ubuso uma ucabanga ukuthi ngimubi ikhona enye intombazane ecabanga ukuthi ngimuhle futhi iyangithanda”.
“Khonamanje singindabamlonyeni kuthiwa sijola namantombazane ayisithupha kuphinde kuthiwe siyizitabane”
“Uma kufuna nina singamajitha, asinamali noma sicaphuna kusale. Sixoleleni asazi nathi kumele senzenjani manje. Thina sifuna ukwenza umculo sinakekele imindeni siqhubeke nempilo asazi senzenjani sixoleleni,” kubhoka uStunna.
“Yazi ngesikhathi ulokhu ukhuluma, iloku iputshuka lento yobutabane kancane kancane, kodwa ke uma ethi akasiyo, nathi sizothi uthi akasiyo. kusho uJustBanter kuX.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



