Ezokungcebeleka

Ubonga impilo uCindy Mkhathini osinde kukubi

Sphumelele Mjaja

UCindy Makhathini oyisocial media influencer ushayise imoto yakhe esiteshini sikawoyela saseSasol.

UMakhathini wazise abalandeli bakhe ngalesi sigameko kwi-Instagram, eqinisekisa ukuthi akekho olimele.

“Ngisanda kushayisa imoto yami, hhayi nje ukushayisa kodwa ngishayise egaraji laseSasol” kubhala uMakhathini.

Uphinde wabelana nangezithombe zendawo yesehlakalo. Wakubeka nokuthi igalaji lilimalile kakhulu.

“Imoto yami isanda kuklwebheka, kodwa umonakalo engiwenze egaraji mkhulu kakhulu”, kusho yena.

Uqhubeke wathi: “Nginenhlanhla yokuthi umnikazi wendawo ube nomusa futhi enobunene kulesi simo”.

Ukubeke kwacaca ukuthi wayengawaphuzanga amanzi amponjwana kanti wayehamba nengane yakhe.

“Imoto isahamba, kodwa lokho kumane nje kuyinkinga yami encane.

Umonakalo engawenza kulelo garaji mkhulu kakhulu, kodwa ngasebenzisana namaphoyisa nomnikazi”, kusho uMakhathini.

“Amaphoyisa enza ukuhlolwa komoya, futhi kwakungekho utshwala egazini lami. Kwakuyiphutha ” eqhubeka enezela inkulumo yakhe.

Kubonakale umboniso oveza isigameko lombiko wasabalaliswa kwi gossip blog Maphepha Ndaba ofakazela okwenzeka.

Related Articles

Back to top button