
Kubanjwe umoya ngeTLB namabhodlela otshwala
Lishone elayizolo lisematheni elikaMbekezeli Mbokazi (19) okungumdlali we-Orlando Pirates obatshzwa nxazonke ngekhono lakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi akukapheli zinsuku zingaki kade kubatshazwa ukubonakala kwakhe noBig Zulu nabanye besendaweni obekuthe chithi saka kuyo utshwala namantombazane.
Eyesithombe sakamuva esizungeza ezinkundleni zokuxhumana ehlezi emotweni ezama ukufihla ibhodlela elibukeka kwele corona isilethe ukukhathazeka kwabaningi.
Abalandeli besaba ukuthi kungenzeka baphinde babone elinye ithalente elimangalisayo libheke ekushabalaleni phambi kwabo.
Sekuqubule inkulumompikiswano ngalesi sithombe, abanye bebuza ukuthi ngabe lo mdlali osemncane usendleleni eduse abadlali abaningi ngaphambi kwakhe.

Ukukhathazeka akukhona nje ngesithombe esisodwa; kumayelana nephethini esibonwe kaningi ebholeni lakuleli — lapho abadlali abanethalente begcina bephelela emoyeni ngenxa yotshwala, amantombazane, nokujuxuza.
Sekuqalile ukuqhathaniswa kwakhe no-OJ Mabizela owake waduma kakhulu naye esemncane, kodwa wagcina engafikanga ezingeni ayebhekwe kulo ngenxa yokugqilazwa izidakamizwa.
Umuzwa wabalandeli ucacile: abakwazi ukuba nomunye u-OJ Mabizela. Ikusasa likaMbekezeli Mbokazi libukeka ligqame kakhulu ukuthi lingayekelelwa lishabalale.
Khonamanjalo, ushiywe ngaphandle uMbokazi, eqenjini lesizwe lika-Under 20 eNdebeni yoMhlaba.
UMbokazi usanda kunconywa ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos njengomdlali okufanele ngabe udlala e-Europe.
UBroos uze waphakamisa ukuthi lo mdlali sengathi uneminyaka engu-10 esesigabeni samazwe ngamazwe.
Nokho, ngenxa yezizathu ezaziwa ngabaqoki beqembu okwamanje uTLB ngeke alubhade kweyomhlaba.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



