
ISuzuki Swift ifike njengentombi entsha endaweni
Ngeney’ntwen Mkhize
Sengike ngaba nethuba lokuvivinya izingqovungqovu kodwa kulokhu kube yintokozo ukuzithola ngigijima ngomncanyana osey’ntwen futhi owongayo.
La ngikhuluma ngeSuzuki Swift yesizukulwane sesine efike njengentombi enhle endaweni ethandwa noma ubani eNingizimu Afrika.
Ikwenze lókhu esikhathini esingaphansi konyaka ifikile kuleli.
Incane uma uyibuka kodwa ngaphakathi kuhlala abantu abane ngokukhululeka, nasebhuthuni inesikhala ngike ngafaka igrosa yangena ngokukhululeka.
Kuzokhumbuleka ukuthi kukhona izinhlobo ezimbili eshintshwayo nezishintshayo, kwiPurpose sibe nenhlanhla yokuzivivinya ngokulandelana kwazo.
Abaningi bathathwa ngamalambu, awangemuva okuyiwo axoxa indaba akudonsa usekude.
Izingane kuya kwabadala babeyincoma la bengihamba khona.
Kwezokuphepha igabe nange three-point seat okudingeka ukuthi nohleli ngemuva afase amabhande ngoba liyamxwayisa nomshayeli uma lingafakiwe.
Ezihlalweni zangemuva ifakwe i-ISOfix kuphinde kube ne-child locks ukuvikela izingane engozini.
Ekongeni uphethroli iGLX ngiyikhipha phambili yinhle kakhulu.
Ngokwabo bathi le njini yakamuva yehlisiwe ukuphuza upetrol uma uyiqhathanisa neyangaphambilini.
Ithangi likapetrol u-37 litres, ingu-1.2-liter, 3-cylinder.
Uma ngingaphosisi ithangi lakhona ligcwala ngo-R792 kuya ngokuthi ukuphi nezwe.
Ngokwabo kwaSuzuki bathi ngo-4.4 litres ungakwazi ukuhamba ibanga elingu 100km, ngendlela eyonga ngayo uphethroli.
Nokho kuhluka esicathulweni ukuthi ucindezela kanjani ngoba ngebanga lika100km iyawubhubhudla amalitha angu-5.5 kuya ku 5.7.
Kwabathanda ijubane egiyeni kubebhathini elibhalwe uS omele Sport nolicindezelayo kusuke amaphepha.
Kwezokuphepha ngeke sikulibale ukuthi iSwift iphuma nama airbag angaphambili ohlangothini lomshayeli nephasenja, eyaphezulu ebizwa ngecurtai airbag nasezinhlangothini.
Izingane ziphephile ngoba ine ISOFIX ezihlalweni zangemuva.
Ngaphezu kwalokhu kune-ABS, EBD, Brake Assist, Electronic stability Program, ikhamera yangemuva ekusiza ukupopola ingozi lapho uhlehla.
Intengo
Suzuki Swift 1.2 GL manual: R219,900
Suzuki Swift 1.2 GL+ manual: R239,900
Suzuki Swift 1.2 GL+ CVT: R259,900
Suzuki Swift 1.2 GLX manual:
R264,900
Suzuki Swift 1.2 GLX CVT: R284,900