Ezemidlalo

IGallants ithele inhlabathi ephalishini leChiefs

Umgadli omusha weMarumo Gallants, uJaisen Clifford ungene esuka ebhentshini sekulishubele iqembu lakhe, libhinciselwe nxanye yiKaizer Chiefs.

Ukungena kwakhe – ngesikhathi abalandeli baMakhosi becula kumnandi sebewabona eseduze amaphuzu amathathu – kujike izinto.

IKaizer Chiefs beyihambe phambili esiwombeni sokuqala kulo mdlalo ngegoli likaKhanyisa Mayo okhombise ukuba bukhali nokulangazelela ukudla inethi.

Kuthe kungakapheli sikhathi esitheni ukusuka lapho, iKaizer Chiefs yabekelwa iphenathi esolisayo nokho njengoba kuthiwe umdlali weGallants ulithinte ngesandla ekubeni ubewa.

UGaston Sirino nguye osukumile wayithatha, kodwa uWashington Arubi wavele wamgeza, walivimba ibhola lakhe – kwayiwa ekhefiini ihamba phambili ngo 1-0 iChiefs.

USirino uphinde wathole elihle ithuba lokugeza igama lakhe esiwombeni sesibili, ebekela elihle ibhola phambi kwakhe nguMayo.

Nokho uvele walibhamuza layophuma phezu kwepali – ekhombisa ukutatazela okungalindelekile kumdlali onamava njengaye njengoba ebesangalilungisa kahle ngaphambi kokukhahlela.

Kodwa uvele wangenwa yitwetwe, walizama ngonyawo lwesinxe angamuhle kangako ngalo, yasinda kanjalo futhi iGallants.

Kube sekungena uJaisen Clifford sekusele imizuzu engaphansi kuka-15 Amakhosi ajabulele amaphuzu agcwele – waqeda ngomcimbi eshaya igoli lokulinganisa.

Kube yigoli elihle njengoba eqale ngokujika uReeve Frosler wabe esededela ugesi weshodi, wagcina ngokulikhomba uBrandon Petersen liyodla inethi.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button