
Amagabade egawula egcekeni uThwasa likaMolo
Umculi kaMaskandi osemncane useke wasolwa ngokuthi uzenza iqhawe lalo mculo eselashona uBhekumuzi Luthuli, kodwa yena uyakuphika lokho.
Uthwasa likaMolo, ogama lakhe langempela nguGeorge Ngcobo, uthi ukhule engumlandeli omkhulu weGcokama likaMolo.
Uveze ukuthi uthando lwalo mculo lwatshaleka kuye ngakho ukuthi wayehlezi ezilalelela izingoma zikaBhekumuzi Luthuli.
“Ngiqale ngo-2010 ukungena emculweni ngizibiza ngoJojiwabantu,” kusho umfo ka Mapholoba.
Leli gama lalisukela kwelakubo endlini elithi unguGeorge, wabe eselijika ukuze lihambisane kahle nalo mculo.
Pho wabuye walishintshelani leli gama? “Ngaphoqwa abalandeli bomculo wami ngo-2012, abathi angilishintshe leli gama ngizibize ngoThwasa likaMolo.
“Bathi lo mculo wami ubakhumbuza iqhawe labo uBhekumuzi Luthuli,” kuchaza le nsizwa edabuka Embo, kwaNdaya.
Uyakuvuma ukuthi leli gama selimthele ukukhulula okuningi, abanye bemsola ngokusebenzisa igama leqhawe elingasekho ukuze adle ngalo.
“Njengoba sengilibhalise nje emculweni leli gama likaThwasa likaMolo, ukukhuluma sekuqalile vele kodwa ngeke ngiyeke ukulisebenzisa.
“Angihlobene naye nakancane, bengithanda nje umculi wakhe, nabalandeli bayangeseka ngokucula ushuni wakhe wobugagu.”
Ezingomeni aseke wazikhipha kukhona i-EP enezingoma ezintathu esihloko sithi Omsiza umuntu yango-2022.
Njengoba kukhona abakhulumela leli gama lakhe, basazohlanya kakhulu ngoba kumanje usezinhelweni zokukhipha icwecwe eliqanjwe ngaye umfokaMolo.
“Kulo nyaka ngizokhipha icwecwe elisha osekuseduze nje liphume elisihloko sithi Isithunywa sikaMolo.
“Eqenjini yini engicula phambili kanti ngilekelelwa uMqoqiwabantu. Nginamagidangoma ayisikhombisa.”
Uthi umculo wakhe wuqopha eDownhill Studio okuyisitudiyo sikamakadebona uMantongomane.
Phakathi kwezindawo aseke wadlala kuzo kusehostela laKwaDabeka iKK, eMthwalume, kwiSiyakhukhula Music Festival eGoli.
Yize umculo wakhe ungakangeni Okhozini FM, uyaziqhenya ngokuthi uyadlalwa kwezinye iziteshi njengeNanda FM, Imbokodo FM, Umhlobo Wenene FM neminye.
Isigqisethu



