Ezokungcebeleka

Abammeli koweGospel ‘odlelwe’ uPastor Ncanda ingoma

Sphumelele Mjaja

Uthukuthele uthelwa ngamanzi umculi weGospel uSihle Khumalo (26) okhala ngokuphucwa iqatha emlonyeni ngabaculi abadala endimeni.

Le nsizwa edabuka kwaZulu-Natal ithi yiyo eyaqamba ingoma esihloko sithi “Okudalelwe Mina“.

Kwivideo ayishuthe wayinameka ezinkundleni zokuxhumana uSihle uchaze ukuthi le ngoma wayiqamba ngonyaka ophelile wayiqopha kulo nyaka neyaba unombolo-3 ezingomeni zakhe kwi-EP.

“Bayazi ke abantu Okudadelwe Mina ngisanda kuthola indondo kwiNgoma Music Awards kwiBest Itende yayo lengoma. Into eyenzekile ukuthi ubaba uNcanda uyiqophile le ngoma”.

“Ngaphambi kokuthi ayiqophe kwenzeka ngolunye usuku sahlangana nobhuti uJumbo njengobhuti omdala sathi uma sixoxa wayesethi uyazi weSihle ukuthi uNcanda uqopha ingoma Okudadelwe Mina, ekabani lengoma?

USihle uthi wabe esembuza ukuthi kanjani ngoba le ngoma uyikhiphe ngo-April 4 akukapheli ngisho unyaka.

Uthi wathi akacabangi ukuthi into enjalo ingenzeka.

“Ngizamile ukuyinqanda lento ngambhalela uJumbo ukuthi bhuti ngicela ingoma ingaphumi ayikabi nonyaka ingoma iphumile. Angivumeli muntu akuthi ayiqophe iseyintsha ayikafiki la kufuneka ifike khona”

Kuvele nokuthi uJumbo wafonela uLungelo bendawonye noSihle eGarden Court, eSouth Beach, wamfaka kwiloud speaker wathi uLungelo uthe uPastor Ncanda ingoma endala le.

NoJumbo wakufakazela lokho.

Uthi sekuzongenela abammeli kulolu daba.

“Le ngoma ngayiphiwa uNkulunkulu kulokho anginqikazi nakancane” kusho u Sihle.

“Ngizamile ngokusemandleni ukuthi imiswe njengoba isikhishiwe sekumele ingenelelwe abameli”

“Ngenzanjani uma sicindezelwa abantu abadala endimeni esibathembile. Ulwa kanjani nabantu abadala ngimncane kabi ngazalwa ngo-1999 June 25 ngizalwa”

Uthi njengamanje sekumele abhekane ngeziqu zamehlo nabantu abadala.

“Kuningi abantu abangabhala ngakho umhlaba ulambele ingoma” kusho uSihle.

Related Articles

Back to top button