Ezemidlalo

Zanda izinkulumo iChiefs idedela umswenko omusha

I-Kaizer Chiefs isivuse izinkulumo kubalandeli bayo nabebhola eNingizimu Afrika ngemuva kokwethula ngokusemthethweni ijezi layo lasekhaya nelasekuhambeni.

La majezi yiwo ezoswenka ngawo ngesizini ka-2026/27 okubhekwe lukhulu kuyo ngayo.

Amakhosi ethule la majezi ngevidio efakwe ezinkundleni zokuxhumana, abe eseyiphelezela ngomlayezo oshisayo.

“Ubukhosi buvukile. Sethula ijezi elisemthethweni le-Kaizer Chiefs lesizini ka-2026/27 lasekhaya nelasekuhambeni,” kubhala Amakhosi.

Lokhu kushiye izinkulungwane zabalandeli zijabule, abanye bedangele abaningi baphendula ngokushesha bencoma ukubukeka kwamajezi amasha futhi beveza ukulangazelela ukubona iqembu liwagqokile.

Lokhu kuza ngesikhathi iChiefs iqhubeka namalungiselelo esizini entsha ngaphansi komqeqeshi omusha, uFernando Da Cruz.

Lo mqeqeshi useqalile ukwakha iqembu elizokwazi ukuncintisana futhi sekulindeleke lethule abadlali abasha elibasayinile.

Abalandeli banethemba lokuthi isikwati esisha sizobuyisela i-Kaizer Chiefs endleleni yokulwela izindebe futhi senze kangcono kunangesizini edlule.

Kulindeleke ukuthi la majezi amasha aqale ukubonakala enkundleni ngesikhathi Amakhosi edlala iToyota Cup ngasekupheleni kwale nyanga.

Azobhekana neScotland FC yaseZimbabwe eRustenberg kulo mdlalo kanti ukwethulwa kwejezi sekwengeze isasasa elikhulu eqenjini.

Lisenethini.co.za

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button