Izindaba

Uzophenywa ibheshu osolwa umkakhe ngokulala nothisha 

Philasande Luthuli

Kungene amanzi endlini uMnyango wezeMfundo esifundazweni KwaZulu-Natal umemezela ukuqala kophenyo oluzimele olubhekiswe kuMnuz Muzi Mahlambi okhulumela lo Mnyango.

Lolu phenyo kulindeleke ukuthi liphenye ibheshu kulandela izinsolo ezivezwe unkosikazi kamsolwa uMetu Mahlambi osebenzela uMnyango njenge District Director eMlaza.

UMahlambi usolwe umkakhe ngokudayisa izikhala zomsebenzi aphinde alale nothisha kwingxabano eshubile abebenayo egumbini lokulala neputshuke yabona yizwe kwivideo.

Kwisitatimende esikhishwe yinhloko yoMnyango ngoLwesibili uMnuz Nkosinathi Ngcobo ithe lezi zinsolo ezivele kwivideo ngeke bazishalazele.

“UMnyango uzibona lezi zinsolo njengezibucayi futhi zithunaza nesithunzi ziphinde zishabalalise ithemba labantu baKwazulu-Natal abalikele kulo Mnyango, ”

“Yize izinsolo zingakaqinisekiswa ubuqiniso bazo kodwa yijoka loMnyango ukuqinisekisa ukuthi kulandelwa konke kungabi nokwenzelela”

UMnyango ucele abantu ukuthi bangazithatheli izinqumo ngaphambi kokuthi uphenyo luphothulwe.

“Kubalulekile ukuthi uphenyo luhlonishwe kuthi zonke izinhlangothi ezithintekayo zinikwe ithuba ngumthento nemigudu efanele”

“UMnyango ugqugquzela ukuthi noma ngubani ongaba nolwazi olubambekayo eze ngaphambilini kubaphenyi nezinhlaka zomthetho ukuze udaba luphenywe,” kuphawula uNgcobo.

UMahlambi ukhiphe isitatimende esifishane ephawula ngevideo engundabamlonyeni.

Uthi leya video indala, ineminyaka emine. Uthi okwakhulunywa laphaya kwakwenziwa ukudinwa.

Uqhuba ngokuthi bona bayathandana kakhulu nonkosikazi wakhe. Uthi lesi sitatimende ngesabo bobabili nonkosikazi wakhe uMetu Mahlambi.

Uveze ukuthi nabo banazo izinkinga njengayo yonke imizi ngeke bazenze ongcwelengcwele.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button