Izindaba

Uzobhadla ejele uthisha ozaliswe umfanyana (13)

Sane Mseleku

Uzogwetshwa ngomhla ka-8 January ngonyaka ozayo uLaura Caron (36), obenguthisha ngecala lokuzibandakanya ngokocansi nomfundi oneminyaka engu-11.

Ngokombiko wephephandaba laseMelika, i-Atlanta Black Star, owayenguthisha wase New Jersey, eMiddle Township Elementary School, ubhekene necala lokunukubeza ngokocansi.

Wayefundisa ibanga lesihlanu, ngaphambi kokuthi abaphenyi bathole ukuthi wanukubeza umfundi ngonyaka ka-2016 kuya ku-2020.

UCaron wateta indodakazi yalo mfanyana ngonyaka ka-2019 ena-13 ngalowo nyaka.

Izinsolo zaqubuka ngonyaka-2024 ngoDecember ngesikhathi ubaba wesisulu ebhala kwizinkundla zokuxhumana ebabaza ukufana kwendodakazi kaCaron naye nendodana yakhe ngaleso sikhathi yayisineminyaka emihlanu ingane.

Ilapho abomthetho baqala khona benza uphenyo olwafinyelela ekuboshweni kwaCaron ngoJanuary-2025.

Waboshelwa amacala okunukubeza ngokocansi kanye nokufaka impilo yengane engcupheni.

UCaron ulivumile icala sokufaka impilo yengane engcupheni nokunukubeza ngokocansi.

Ubhekene nesigwebo seminyaka engu-5 ebhadla ejele.

Angeke asaphinde asebenze njengothisha noma asebenze kwahulumeni, uzobhaliswa ebhukwini labanukubezi ngokocansi ngaphansi komthetho kaMegan.

Uzophila ngokugadwa impilo yakhe yonke.

Ngaphambi kokuba agwetshwe UCaron uzohlolwa ngokwengqondo okungaphazamisa isigwebo sakhe.

Related Articles

Back to top button