Izindaba

Umvuzo kobeyikhansela le-ANC ongancengi mavoti 

Thembeka Msane

Livune elikutshalile iKhansela le-African National Congress (ANC), kuWard 109, eLovu, uMenzi Manqele.

UManqele uke waba sematheni kusabalala ivideo eshiya angalazi kwizakhamuzi zakule ndawo ezazimkhalela ngokugqoza kwezidingongqangi.

Phakathi kwezidingongqangi ezaziseqhulwini kubalwa amanzi.

Sikhuluma nje isiqale phansi ukuzungeza ezinkundleni zokuxhumana ivideo lapho etshela khona amalunga omphakathi ukuthi akalincengile ivoti lawo.

“Noma ningangasivotela umuntu eSouth Africa unelungelo lokuvotela noma ngubani. Ngingacabangi ukuthi ngilangazelele amavoti wenu, hambani la. Ngikhuluma nobuholi uyini wena,” kubhoka uManqele ehebeza nangezandla.

Kulesi sigameko iqeqebana lezakhamuzi lazikhononda ngamanzi.

Izikhungo ebekuvotwa kuzo kule Ward eseNingizimu neTheku kubalwa Illovo Primary School, Illovu Community Hall (C Section), Illovu Community Hall (B Section), Siyathokoza School, Mthombeni School, Bhekulwandle Community Hall, Baphehli Community Hall, naseBhekulwandle Primary School.

Ukhetho lukhale lemuka noNkosinathi Emmanuel Sishi obemele iqembu leMK Party.

Ezindaweni eziningi iMK Party izindlela amahlanga nakuba ukubalwa kwamavoti kungakoqedwa zisaqhuthana amakhizane.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button