
Ulandelwa amacala uKhomishana osanda kuqokwa
Liyakhiza Mseleku
Uzulelwa amanqe uKhomishana wamaPhoyisa obambile kuzwelonke uLieutenant General Puleng Dimpane.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi inhlangano yomphakathi iPublic Interest SA ifake icala kumaHawks.
Bathi kunemigomo ayephula okuyiPublic Finance Management Act (PFMA) ngesikhathi ephethe isikhundla sokuba yiChief Financial Officer emaphoyiseni.
Leli cala livulwe namhlanje ngoLwesine kwathiwa iDirectorate for Priority Crime Investigation (DPCI) ayiphenye.
Lokhu kuza ngemuva kwethenda yodumo kaR360-million Medicare 24 kaCat Matlala osevele owavumile amacala.
Umbuzo omkhulu yilo R48 million okuthiwa wakhokhwa ngaphambi kokuthi inqanyulwe le thenda eyathela ngamachaphazelo uKhomishana kazwelonke osagqigqa enkantolo uFannie Masemola.
IPFMA umthetho olawula uhulumeni neMnyango ukuthi bayiphatha nokuthi bayichitha kanjani imali.
“Lesi sinyathelo asisho ukuthi kukhona osenecala,” inhlangano isho kanje
“Okwethu wukuthi sibeke ubufakazi obubambekayo phambi kwabomthetho ukuveza ukuthi umsolwa uyathinteka yini,” basho kanje.
Sezingu-16 izikhulu eziphezulu ezigqigqa izinkantolo ngenxa yale thenda.
UDimpane waqokwa uMengameli ngomhla ka-23 April emva kokugudluzwa kwaKhomishana uFannie Masemola.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



