
Ukhonjwe afika ngayo uButhelezi kwesobuNdunankulu
Sihle Mkhize
Seligcwale umoya ibhantshi kuMfu Thulasizwe Buthelezi obencelisa amawele.
UButhelezi obenguNdunankulu kaZulu aphinde abe nguNgqongqoshe kwiCooperative Governance and Traditional Affairs esifundazweni uchithwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Okhulumela iNgonyama uMpiyakhe Buthelezi wazise isizwe ngalezi zindaba.
“Ngize lapha ukuzokwenza isimemezelo engisithunywe yiZulu eliphezulu njengoba sangikhetha ukuba ngibe umkhulumeli waso”
“Nalo iZulu eliphezulu lingicosha esikhundleni engangisinikwe yinkosi yakwaButhelezi uMangosuthu, kwathi elandelayo uZuzifa Buthelezi wathi angiqhubeke lapho ubaba wakhe aweyengibeke khona”
“Ngakho ke lo msebenzi engunikwe iSilo umsebenzi wokuthi ngimemezele kuZulu wonkana ukuthi uMfundisi okade enguNdunankulu kaZulu ucela ukumphumuza kulo msebenzi onzima kangaka ukuba uNdunakulu bese ekhetha iNkosi uChiliza (Phathisizwe) ukube yiyona ezoba uNdlunkulu kaZulu”
“Yena aqhubeke nomsebenzi kahulumeni njengoba ewuphethe,” kuphetha uMpiyakhe Buthelezi.
UButhelezi uxoshwa nje Ihhovisi leSilo esigodlweni eMashobeni kade lixolisa kuNyazi Lwezulu.
Lixolisa nje, iSilo singundablonyeni emva kokuputsuka kwevideo kubonakala iNgonyama yeqiwe izimbiza zikaFaro futhi ithuka uNdlunkulu uNomzamo Myeni.
Kule video iSilo sibe nanezinsolo zokuthi uNdlunkulu ujaha ukuya esontweni kwaShembe nje kunesesheli sakhe uMasango.
Akugcinanga lapho njengoba iSilo sibize uNyazi ngesilima.
ISilo besithelwe ngezibonkolo njengoba besimthuka ngayo yonke inhlamba engabhaleki, sisho nokusho ukuthi sengathi wachathwa ngesichitho njengoba sesaba ngisho ukungena ebhizinisini naye ngenxa yamabhadi anawo.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



