
Ufele emanyaleni obeyofuna izimpahla ayezithengele intombi
Sihle Mkhize
Ufele emanyaleni owesilisa ohambe wayongqongqozela owesifazane abethandana naye efuna ngo”dli” zonke izimpahla ayemthengela zona besajola.
Kuthiwa ungqongqoze ngesankahlu wavula lo wesifazane obesevele eseqomile futhi isoka elisha lilele limise amadolo embhedeni.
Lo wesifazane utshele le ndoda ebivutha ingabaselwe imi phambi komnyango ukuthi azikho la endlini izimpahla eyayizithengile.
Kube nhlanga zimuka nomoya esedinwe nawukuthi ubona enye indoda iqhiyeme embhedeni.
Umufi ube esedonsa ummese wohlobo lwe-Okabi washo ukulijuqa isoka elisha.
Alipholisanga maseko isoka lambula umcamelo ladonsa izulu lezandla elisemthethweni lamdubula kanye wathula endaweni yesigameko.
U-Okapi utholwe uqhashe wayowela buqamama nesidumbu.
Ngesikathi kubizwa inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ithi isoka lithe belizivikela libona isidlamlilo sifuna ukulijuqa ngommese engenze lutho.
Umufi obalelwa eminyakeni emaphakathi no-30 ubudala ubulawa nje ushiye ngemuva endlini yakhe intombi ekhulelwe.
IRUSA efike kuqala kunamaphoyisa endaweni yesigameko ithi ithole umbiko kuyoshaya ihora lesithupha ekuseni namhlanje ngoMgqibelo.
Lesi sigameko senzeke emjondolo yaseBlackburn, eCornobia, enhla nedoloha laseThekwini.
Umufi uyaziwa endaweni kanti kube sekudedelwa iSouth African Police Service (SAPS) Ukuze iqhubeke nophenyo.



