Izindaba

UDr Mahlaba uzohlonishwa ngomngcwabo osezingeni

Bahle Mkhize

UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ugunyaze umngcwabo kaDr Ntuthuko Mahlaba ube sezingeni lesifundazwe.

Lokhu kungenxa wamagalelo wakhe esifundazweni saKwaZulu-Natal nasezweni lonkana.

Umndeni kaMahlaba yiwo ocele uNdunankulu wakulesi sifundazwe uThami Ntuli nofonqe isigqoko kuMengameli uCyril Ramaphosa.

“UNdunankulu ubona kuyisenzo esihle  kakhulu esenziwa uMengameli njengoba uDr Mahlaba ubezinikele ekushintsheni izimpilo zabantu futhi ezinikele,” kusho isitatimende.

Dr Mahlaba ube yilunga lesiShayamthetho KwaZulu-Natal lapho ubenguSihlalo woSihlalo.

Ubephinde abe yilunga le-Executive Council (MEC) for Human Settlements and Public Works.

Wake waqokwa njengeNgqongqoshe weSport, Arts and Culture. Ngesikhathi sakhe ngaphambi lohulumeni wokubambisana (GNU) washiya ebheke umaka ekuletheni intuthuko, inhlalonhle, nokufukula ezemiDlalo, ubuCiko, namaSiko KwaZulu-Natal.

“Isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sibe sihle kakhulu kumholi obezinikele nempilo yakhe kubantu baKwazulu-Natal. Sizwakalisa ukuncoma okukhulu ukuthi uDr Mahlaba athole umngcwabo osezingeni lesifundazwe,” kusho UNtuli Kwisitatimende.

UNdunankulu unxenxwe abantu basesifundazweni ukuba babe yingxenye nomndeni kaMahlaba babungaze impilo yakhe.

Umufi ushayiswe yimoto ezivocavoca egijima ekuseni ngoMgqibelo eNewcastle, ku-Allen Street.

Inkonzo yesikhumbuzo izoba ekuseni ngo-09:00 esontweni ​iSt Matthews Anglican Church, eNkande Village, eNquthu, ngomhla ka-11 July.

Related Articles

Back to top button