
Ubanjwe kuleli osolwa ngokuqotha umndeni wakhe e-UK
Sihle Mkhize
Ulahlwe elakubo uNdodana Mkhanyisi Tshuma obecashe eNingizimu Africa zimkhalela.
UTshuma (45) uboshwe eJohannesburg yiSouth African Police Service (SAPS) kulandela ukusebenza ngokubambisana kwe-Interpol, Crime Intelligence ne-Organised Crime Investigation Unit.
UTshuma ebebuye abizwe ngoMark uboshwa nje ubefunwa uthuli abomthetho e-United Kingdom (UK).
Ubefunelwa amacala okubulala unkosikazi wakhe uNothabo Zandile Tshuma (42), namadodakazi wakhe amabili uNatalie (15) noNala (5).
Imizimba yabo yatholakala ekhaya labo eBedford kwelamaNgisi.
Amaphoyisa akuleli athi ukuboshwa kwalo msolwa kube ukuzinikela kwabezobunhloli.
UTshuma kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko njengoba kusahlanganiswa amaphepha okumbuyisela lapho kwenzeke khona lesi sigameko esithuse abaningi.
Ezinsukwini ezimbili ezedlule iSky News sidedele umbiko nezithombe zalo msolwa obevela esikhumulweni sezindiza eyogibela indiza ngoMgqibelo owedlule nokukholakala ukuthi wayeqa e-UK.
Umbiko wawuthi lo wesilisa ongowase-UK kodwa onezimpande zaseZimbabwe.
Umphenyi wecala e-UK wathi seyazi ukuthi umsolwa weqile.
“Siyazi ukuthi umsolwa weqile sikholwa ukuthi useZimbabwe”
Wadlulisa umyalezo wokuthi ucela ukuthi azinikele emaphoyiseni.
“Ubuhlungu obushiye ngemuva kuyisilonda esingapheli kulabo abasondelene nabagilwa. Sisebenzisana namaphoyisa akuleli nomhlaba wonke. Sicela wenze okuyikho uzilethe wena emaphoyiseni,” kusho amaphoyisa ase-UK.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



