Izindaba

OwezeMfundo unekwa unkosikazi ngokudayisa izikhala nokulala nothisha

Liyakhiza Mseleku

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi usephawulile ngevideo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video kuvela yena nomkakhe uMetu behilizisana egumbini lokulala kuze kuvele amahlazo angadingi ukwazisa yizwe.

UMahlambi ukhiphe isitatimende esifishane ephawula ngayo.

Uthi leya video indala, ineminyaka emine. Uthi okwakhulunywa laphaya kwakwenziwa ukudinwa.

Uqhuba ngokuthi bona bayathandana kakhulu nonkosikazi wakhe. Uthi lesi sitatimende ngesabo bobabili nonkosikazi wakhe uMetu Mahlambi.

Uveze ukuthi nabo banazo izinkinga njengayo yonke imizi ngeke bazenze ongcwelengcwele.

Kule video unkosikazi kaMahlambi  uveza umyeni wakhe kubonakala ukuthi basegumbini lokulala emsola ngokudayisa izikhundla zobuthishela aphinde alale nabo.

Uthi yingakho engafuni ukuzinaka lezi zinsolo zokudayiswa kwezikhala uma ebuzwa ngazo emaphephandabeni yingoba uyena ohamba phambili kulo mkhuba.

Usho kanje umkakhe ufuna ngodli umakhalekhukhwini wakhe ogodlwe uMahlambi ovela ngeminwe obukeka sengathi ulele ebheke phezulu.

Kwivideo lo wesilisa uthi ngeke ayimele lento yokuhlukunyezwa umkakhe njengoba ubelokhu emhlokoloza ethi akayibuyise umakhalekhukhwini ngoba usebenza ngayo.

UMahlambi umsabisa ngokuthi kukhona ozolimala, owesifazane owumhloli emnyangweni wezeMfundo uthi uzombopha.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button