Izindaba

Kudlwengulwe intombazanyana (12) kuyiwa kovota 

Thembeka Msane

Awubange usalibhada ukuyovota umndeni wentombazanyana eneminyaka eyishuminambili (12) ubudala.

Lokhu kulandela isigameko sokudlwengulwa kwayo ngosuku olwandulela ukuvota.

Umsolwa uneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) ubudala.

Ngokombiko weSABC lesi sigameko senzeke eFinale Village ngaphandle kwase Hoedspuruit.

Amaphoyisa aseLimpopo aseqale umkhankaso wokuthungatha umsolwa.

Okhulumela amaphoyisa u-Malesala Ledwaba uthi ugogo wentombazanyana uqale ukuqaphela ngoLwesibili ukuthi ingane ayikho ekhaya wase azisa unina.

ULedwaba uthi umsolwa waholela oPhathe lentombazanyana wayiyisa lapho ehlala khona nokuyilapho ayinukubeza khona ngokocansi.

Icala selidluliselwe ophikweni lamaPhoyisa olubhekele udlame lasekhaya, ukuvikelwa izingane, kanye namacala okuhlukunyezwa ngokocansi (FCS) Unit Phalaborwa.

Ithimba labaseshi lisebenza ubusuku nemini lizama ukuthola umsolwa.

Noma ngabe ubani ongasiza ekuholeleni ekutheni umsolwa agcine eboshiwe uyacelwa ukuba athinte umphenyi wecala uSergeant Andries Malatjie ku-071 355 0556.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button