Izindaba

Kuboshwe owaseSomalia osabalalisa izinhlamvu emalokishini

Liyakhiza Mseleku

Sekuboshwe owokufika ongenamaphepha odabuka eSomalia ngecala lokutholakala nenqwaba yezinhlamvu nezibhamu ezingekho emthethweni.

Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi lo msolwa uwungqondongqondo ekusabaliseni izinhlamvu kwizigelekeqe zasemalokishini aseGoli.

Ukuboshwa kwalo mlisa sekuqubule izinkulumo ngokuphepha emikhakheni wokudayisa ezipaza kulo lonke leli.

Kuvela ukuthi umsolwa nguye ophambili kulezi zigebengu ezikhokhisa imali yokuvikela.

Abantu abayizisulu kulobu bugebengu yilabo abangabikazi bezitolo abangumnsinsi kuleli.

Umnotho wokudayisa emalokishini ubalelwa luR180 00 billion.

 

UNkosikhona “Phakel’mthakathi” Ndabandaba ongomunye abaseqhulwini empini yokuxosha abantu bokufika kuleli abangenamaphepha uthe ehlangana nalezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana wabhala wathi : “Wezinsizwa Vukani nime ngezinyawo”

Khonamanjalo, ukhala nezinyoni umqashi okwathi sekunikwe abakofika abakuleli ngokungemthetho unqamlajuqu ukuba bagoduke waqhubeka yena wafuya isisebenzi sasendlini esidabuka eMalawi.

Simgile igoda njengoba sishaye sachitha engazelele sakhala semuka nobucwebe begolide obungabiza isamba sika-1 million namacoin aseKruger.

Lo mcebo ubulokhu udluliswa esizukulwaneni salo mndeni ogilwe igoda.

Lesi sigameko senzeke eThekwini, esifundazweni KwaZulu-Natal ngeSonto.

Kumanje umqashi uhlaba umkhosi ucela usizo uthi lesi sisebenzi ebese sitohoze kuye iminyaka eyisikhombisa usola ukuthi silibangise kwelakubo eMalawi.

Asigcinanga ngobucwebe njengoba kusolwa nokuthi sintshontshe nesamba semali engango R10,000.

Ngokukamqashi, umsolwa waziwa uFatima Lawrence ubephinde aziwe ngo-Esther kwipassport yakhe.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button