Izindaba

Isixhwanguxhwangu sikaMgabe kolunye ubishi eboshwa

Philasande Luthuli

UBellarmine Chatunga Mugabe, oyindodana kowayengu Mengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, ungene kolunye ubishi eboshwa.

Uboshwe namadoda amahlanu  kulandela ukuhlaselwa komseshi weZimbabwe kwi-Anti-Corruption Commission (ZACC).

Ngokwemithombo yakuliya lizwe lesi sigameko senzeke ngesikhathi somkhankaso we-ZACC ohlose ukubamba izimoto ezimbili zikanokusho iLamborghini Urus kanye neMercedes-Benz okusolwa ukuthi zingeniswe ngokungemthetho eZimbabwe zivela eNingizimu Afrika.

Isitatimende siveza ukuthi, izikhulu ze-ZACC ezilandelela izimoto zikanokusho zazithola eNewlands, eHarare.

Ngesikhathi somkhankaso wokubuyiswa kwempahla, kwaqala ukungqubuzana abasolwa bahlasela ithimba eliphenyayo.

Lesi sigameko sibikwe ngokushesha emaphoyiseni aseZimbabwe Republic Police (ZRP) eHighlands Police Station.

Kulapho ke uMugabe nabanye abasolwa abane zibakhalele khona baboshwa.

Okhulumela i-ZACC uSimiso Mlevu uqinisekise ukuboshwa kanye nokubanjwa kwezimoto.

Ephawula uthe uphenyo mayelana nokuhlasela nokushushumbisa luyaqhubeka.

UMugabe akaqali ukubhekana nengalo yomthetho njengoba nalapha eNingizimu Afrika eseke waboshwa.

Wayebhekene namacala ahlukene ahlobene nodlame, izidakamizwa kanye nokuzama ukubulala.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button