Izindaba

ICebolethu ezinsolweni zokusukumela phezulu imingcwabo yosaziwayo kuphela

Bahle Mkhize

IZALELWE inja endlini inkampani yabangcwabi iCebolethu Funeral Services edume ngokuhlelela osaziwayo imingcwabo esezingeni eliphezulu.

Kulokhu, isolwa ngokuzihudula uma isiza abantukazana nje nosekwenze yavela kabi ezinkundleni zokuxhumana amanye amakhasimende ashiya angalazi.

“Bengingakulungeli ukukhuluma kodwa ngithe uma ngibona le video ngathi sekuyithuba lokuthi ngikhulume. iCebolethu liyaphoxa. Cebolethu niyabahlukukeza abantu, izinga lokusizakala kwabantu liphansi. Kodwa uma kowosaziwayo nize nikhiphe unyawo. Ibuhlungu lento ngoba kusho ukuthi kumele uze ube usaziwayo ukuze ungcwatshwe kahle iCebolethu,” kusho ikhasimende kwiTok Tok.

Liqhuba lithi inkinga yasuka ngesikhathi befake isicelo sokunxephezelwa kushone uyise ogcwatshwe eNkandla ngesonto eledlule.

“Safaka isicelo sokunxephezelwa njengenjwayelo kwa kwashaya uLwesine kuthuli. Kulowo mzuzu asikwazi kunyakaza ngoba izimali aziphumile ukulungiselela umngcwabo. Sasicele ukuthi inkomo yokuhlinzeka abantu ifike ngoLwesihlanu ngo-11 kodwa kwangenzeka. Uma sibuyela egatsheni eliseNkandla babika imbiba babika ibuzi. Kwaze kwaphoqa ukuthi size silwe ekubeni sishonelwe. Baqala bafonela umuntu wenkomo, naye akekho eNkandla kodwa useShowe. Inkomo yaze yafika ngosuku lomngcwabo,” kusho leli khasimende kwivideo engaphansi kwegama likaSlie Mantumba.

Kuvela lezi zindaba nje bekusanda kusabalala ivideo ngempelasonto abantu bekhombisa ukukhathazeka kwabo ngeCebelolethu. Ivideo yayikhombisa ama-streetwise 2 emabhokisini akwaKFC neziphuzo evenini. Lokho kudla kwafika nalaba bangcwabi emuva kokuhluleka ukuletha abantu ababezopheka njengesivumelwano.

ICebolethu ikhiphe isitamitende ixolisa izolo.

“Siyabona ukuthi kunemibhalo esabalele mayelana nokungabi bikho kokudla kwelinye lamakhasimende wethu ngoMgqibelo. Kube nokungaxhumani kahle ngaphakathi nokwenze kugcine la. Abaphathi baqinisekisa ukuthi bahlangana nomndeni baxolisa ngalo lolo suku. Umndeni uziqhelelanisile ngevideo esisabalele,” kubhalwe kanje.

Le nkampani ibisizakhele olukhulu udumela okungangokuthi sekunetemu elithi “sophumula eCebolethu”.

 

 

 

 

 

 

 

Related Articles

Back to top button