
Bashaqekile kuntshontshwa amaphepha okuvota
Sane Mseleku
Ushaqekile umphakathi waseThekwini, KwaZulu Natal, kuWard 2 kuntshontshwa amaphepha okuvota kanye nezitembu kwesinye seziteshi zokuvota.
Izindawo ezakhele leWard kubalwa KwaNyuswa, Mabedlane, Mgandeni, Ngezanyoni, Nkangala nezinye ezisondele.
Abakwa Electoral Commission of South Africa (IEC) bakuqinisekisile lokhu ngesikhathi bekhuluma nabezindaba, ngesikhathi abavoti bephikelela kovota.
UDeputy Chief Electoral Officer wakwa IEC uMasego Shiburi uthe lesi sigameko sibikiwe emaPhoyiseni.
Ababesebenzela kulesi steshi esivelelwe yilo mshophi bakhululiwe emsebenzini wabo.
UShiburi uqinisekisile ukuthi lamaphepha abhekwe ngamehlo abovu mengase aqhamuke kwezinye zeziteshi kuleli ward, njengoba lineziteshi ezingu-20.
Bagadile mengase aqhamuke kwezinye zeziteshi bazokwazi ukuwabona kusho uShiburi.
“Kudabukisa kakhulu kwezokhetho njengoba kunezinkinga emphakathini kuwa izakhiwo, amanzi awekho, ukucwaswana kanye nenqwaba yabantu abangasebenzi, izinga linyuke ngi-30%”
Kwesinye isigameko esinyuse izinhlozi ukufika kwaSayitsheni wesilisa esikhungweni sokuvota ngemoto yeqembu ebhaliwe eDonnybrook. Ube esekhishwa kulesi sikhungo zamkhalela, kanti kukhona okusina kumjeqeza.

Kuzokhumbuleka ukuthi uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi uwadonse ngendlebe amaphoyisa azophuma esipolweni ngoLwesibili wathembisa ukuwathathela izinyathelo zomthetho.
Iziteshi zivulwe ngo-7:00 zizovalwa ngo-21:00 ebusuku.
Abantu balukeli bebephume ngobuningi babo, ngoLwesithathu beye okhethweni lohulumeni basemakhaya, baqashwe ngeso lokhozi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



