
Baphuthunyiswe esibhedlela abasokwe bangakwazi nokucathula
Liyakhiza Mseleku
Kusize ilunga lomphakathi elibone abesilisa ababili bengasakwazi nokucathula befa izilonda ngaphansi lahlaba umkhosi.
Laba bagilwa kuvele ukuthi basokwe udokotela (66) okwadatshulwa isitifiketi sakhe sokusokisa iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA) ngo-2021.
Kuthe ngoMsombuluko abaholi bendabuko namaphoyisa ahlangana ayobheka ezokuphepha akhangwe inqwaba yabafana abasebasha befa izinhlungu abanye besalindwe ukusokwa.
La bekugilwa khona lo mkhuba yigumbi nje elingcolile elingenawo ngisho usinki onamanzi ahambayo.
Izindonga zimnyama kucaca ukuthi kubuye kubaselwe umlilo endlini.
Lesi sigameko senzeke eSlaaphoek Village, eLimpopo.
Zibe seziyamkhalela lo msolwa ngecala lokuqhuba lo mshikashika ephula imithetho yezeMpilo endaweni engavikelekile nengahlanzekile ekubeni amaphepha dololo.
Kuvele nokuthi abesilisa ababili bangeniswe esibhedlela bengasakwazi bokuhamba.
NgoLwesithathu uvele enkantolo eSenwabarwana Magistrate’s Court. Ugcinwe esitokisini, icala lakhe libuyela enkantolo ngoMsombuluko ukuze ezofaka isicelo sebheyili.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



