Izindaba

Amaphoyisa aphenya elokubulawa ngesihluku kowesilisa (45) eNewcastle 

Usashaqekile umndeni nomphakathi waseNewcastle enhla nesifundazwe KwaZulu-Natal kulandela ukubulawa kwesakhamuzi ngendlela ononya.

Kukhulunywa nje amaphoyisa akule ndawo aphansi phezulu aphenya icala  elinyantisayo ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa oneminyaka engu-45 ubudala.

Ngokombiko weRichard’s Bay Online umgilwa utholwe ngaphakathi emzini wakhe esebanda eMadadeni, eSection 5.

Kubikwa ukuthi umufi wagcina ukubonakala ngoMgqibelo ebusuku, mhla ka-11 kuJulay 2026.

Ngemuva kokungabonwa ngosuku olulandelayo, kuthiwa amalungu omndeni aqala ukukhathazeka.

NgoMsombuluko, umshana wakhe waya emzini wakhe, wangqongqoza kodwa kwathukela kungaphenduli muntu.

Wazidela amathambo umshana wavula ngesankahlu wangena endlini wathuka koma nasozwaneni ethola khona isidumbu sikamalume wakhe.

Ngokusho kwamaphoyisa, umufi ubetholwe elele phansi egunjini lokuphumula, izandla ziboshiwe, umlomo uvalwe ngendwangu eluhlaza okwesibhakabhaka.

Ubuye waba nokulimala ekhanda, amanxeba entanyeni okusolwa ukuthi adalwe ukuklinywa.

Bekunamanye amanxeba okusha esifubeni, okusolwa ukuthi adalwe isifudumezi sikagesi esitholakale eduze kwesidumbu.

Imoto yomufi ibingasekho ngesikhathi kutholwa isidumbu nokusolise ukuthi intshontshiwe.

Ngokuhamba kwesikhathi igcine itholakale Osizweni ishiywe nokhiye ngaphakathi, kanti namathayi wayo amabili abebhoboziwe.

Amaphoyisa avule icala okubulala nelokuphanga, kanti uphenyo lusaqhubeka.

Kunxuswa noma ubani onolwazi olungasiza ekutholeni abasolwa avele phambili axhumane namaphoyisa.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button