Izindaba

Akudikizi nqulu koxoshe abakuleli eRaustarant eMozambique

Sibusiso Gamedze

Ushiye abaningi bebambe ongezansi umnikazi wendawo yokudlela eMozambique onqabe ukudayisela abantu baseNingizimu Africa okuya ngasethunjini.

Akagcinanga lapho njengoba ebakhombe abafike ngayo.

Ngokwamavideo nemibiko elokhu izungenza ezinkundleni zokuxhumana owesifazane uqonde ngqo iqeqebana labantu bakuleli abebezothenga ukudla endaweni yakhe.

Ubatshele emakhaleni ukuthi ababuyele ezweni labo, ethi abantu baseNingizimu Africa baxosha abaseMozambique.

Uthe manje yibo ke abaseNingizimu Africa okumele babuyele emakubo.

Emuva kwalesi sigameko umnikazi wendawo yokudlela uthe akazisoli futhi akudikizi nanqulu emva kwesenzo sakhe.

Uthe abantu baseNingizimu Africa kumele bazijabulise ezweni labo elinobisi noju njengoba behlezi bethi izwe labo linothile.

Unanele ngokuthi kumele bachithe khona imali yabo khona bangazihluphi ngokuvakshela iMozambique.

Le mpi isisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana abanye banyefisa isenzo somnikazi wendawo yokudlela bethi abantu akumele bafakwe ezimpini zamazwe.

Abanye bathi shosho njengoba abantu nangaphandle bexoshwa eNingizimu Africa.

Amaphoyisa akuleli avuke emaqandeni ezinsukwini eziyisithupha ezedlule abopha kwasani oluphambene nemithetho yakuleli.

Esifundazweni iGauteng abophe abantu bokufika abangu-250 kumkhankaso owaziwa nge-Operation Shanela II obuqhutshwa enkabeni eJohannesburg, eHillbrow.

Lo mkhankaso uqinisa istilobho kwisifundazwe ngenhloso yokuphoqelela ukuthi imithetho yokungena kwabantu kuleli nenhlalonhle iyagcinwa.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button