
ISilo sigqemeke engeqiwa ntwala engozini
Sindiswa Nxumalo
IHhovisi leSilo uMisuzulu kaZwelithini oPhongolo eMashobeni, liveze ukudabuka okukhulu kulandela ingozi embi yomgwaqo ebandakanye uhide lwezimoto obekukhona kuso iSilo emgwaqweni uN2 eduze kwaseHluhluwe.
Kule ngozi kushone uNksz Ncamisile Zinhle Buthelezi KwaMpukunyoni ngaphansi koMkhandlu wakwaMkhwanazi.
Lesi sigameko senzeke ngemva kokushona kwelanga futhi sishiye umndeni, umphakathi, kanye neNdlunkulu yakwaZulu bedangele kakhulu.
Ngokuthola umbiko wale nhlekelele, iSilo uMisuzulu kaZwelithini sisheshe sayalela ukuthi kuthunyelwe ithimba elizodlulisa amazwi enduduzo nokweseka umndeni oshiywe yilo mufi egameni leNdlunkulu.
Leli thimba beliholwa uNobhala weSilo kanye noMqondisi Omkhulu weHhovisi leSilo, uSquire Arnold Nododile Ndamase, bephelezelwa amalungu aphezulu omndeni waseNdlunkulu ukuba beyokhalisa umndeni wakwaButhelezi ngoMgqibelo.
ISilo siphinde sayalela ukuthi ihhovisi laso lisebenzisane nohulumeni waKwaZulu-Natal nabanye ababamba iqhaza ukusiza umndeni kulesi sikhathi esinzima.
INdlunkulu yakwaZulu ithumele amazwi enduduzo nemithandazo kubo bonke abathintekile.



