
Izigodi zakwaThoyane zijoyina iMarch and March
Sihle Mkhize
Induna yasesigogini saseFakazi, kwaThoyane, uToyi Khwela, ihlale phansi nezakhamizi zendawo ziwazise ngomyalelo okhishwe inkosi uNhloso Hlengwa.
Umyalezo ubusho ukuthi zonke izigodi eziyishumi ezakhele inkosi kumele ziphelele eThekwini kusasa (ngoMsombuluko) kuyomashelwa abantu bokufika abanganamvumo.
Phakathi kwezigodi ezizobe zikhona kubalwa iMashiwase, iNkwali, Felekisi, Ntukwini nezinye.
“Umyalezo ubuphuthuma nathi besingawulindele, njengoba kubhikishwa, kusasa ngo-8 sizohlangana estobhini KwaMazungu lapho sizothathwa khona ibhasi siphikelele eThekwini,”
“Bafwethu asiyi koshaya abantu yebo singaziphatha izinduku nezihlangu kodwa asiyi koshaya abantu. Mayelana nalaba abaqashe izitolo ezindaweni zethu bazohamba nabo,” kulandisa uKhwela.
“Ezweni labo ngeke uhambe noma ikanjani eNigeria. Umlenze wami awuvumi impela kodwa ngeke ngiyidedele induna ihambe yodwa, ngizobe ngikhona,” kunanela uGqomoza Mhlongo.
NgoMgqibelo iMarch and March ibeseCspe Town, eBellville nalapho leya ndawo isipenduke isizinda sabadayisa ngezidakamizwa.
“Ngeke sibe nendawo okuthiwa alubhadwa la” ucashunwe esho kanjalo.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



