
Isexwayiso ngamakhaza ashubisa umkantsha nokukhithika eKZN
Izangoma zezulu iSouth Africa Weather Service (SAWS) zixwayisa umphakathi waKwaZulu-Natal ngokukhithika kweqhwa nomoya ohambisana namakhaza ashubisa umkantsha.
Ngokusho kweSAWS lesi simo sezulu kulindekele ukuthi sihlasele ezingxenyeni ezisentshonalanga nesifundazwe ikakhululazi ngoLwesithathu mhla ka-21 May.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokubaMbisana neziNdaba zoMdabu eKZN uMfu Thulasizwe Buthelezi anxuse wonke amathimba ezinhlekelele ukuba ame ngomumo.
Ukusho lokhu ukuvivela ukulekelela lapho kudingeka khona kwazise kungase kuhlasele iqhwa elingavimbezela abashayeli emgwaqeni.
“Sinxusa umphakathi wakithi ukuba uhlale uqaphile futhi ubeke indlebe kwabakhipha izexwayiso zesimo sezulu njengoba zikhishwe abagunyaziwe,”
“Ukulandela imiyalelo yesimo sezulu kunganciphisa umonakalo ongenziwa amakhaza,” kusho uButhelezi
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule ngoSeptemer iPurpose yabika ngokukhithika kweqhwa okwadlula nemiphefumulo yabantu ababili.
Lezi zisulu zaqhuqhwa amakhaza zaze zashona ngesikhathi zivaleleke emgaqweni uN3 ngaseVan Reenen.
Baningi abantu abavaleleka kuN3 phakathi kweMooi River neHarrismith okubalwa nomsakazi weJozi FM uPenny Ntuli.
“Aphi amabhanoyi ukuzosiza, siyazi ukuthi nemvula iyeza abantu bazomuka kunezimoto okukhona kuzo izingane. Selokhu beshushwa amakhaza kusukela ngoLwesihlanu,”
“Emuva kwethu kunowesifazane okhulelwe ohamba yedwa nemoto izikhiyile izicabha. Ngikhulekela singezwa ukuthi sekunezidumbu eziphumile. Umbuzo omkhulu kungani àbamatoll gate bangakhiphi izindiza ezinophephela emhlane ukusiza àbantu,”
“Kungani sikhokha emgaqweni kodwa usizo singalutholi,? kubuza uPenny Ntuli.
Lesi simo saholela ekutheni kuvalwe umngcele iSani Pass ophumela eLesotho ngenxa yeqhwa.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



